Uhlelo lwe-Victim Empowerment Programme lugqugquzela ukusungulwa kanye nokuxhumanisa izinhlelo nokusebenzisana phakathi kweminyango kahulumeni ehlukene noma kwezinhlelo zemikhakha ehlukene kanye nemigomo yosekelo, ukuvikela kanye nokusiza ngamandla kwabahlukunyezwe wubugebengu nodlame.
I-VEP igxila kakhulu kwabesimame nezingane. Abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya abakusimo esiphuthumayo bangahlala endaweni yokukhosela isikhathi esiphakathi kwamaviki amabili nezinyanga eziyisithupha, kuye ngezimo zabo.
Uhlelo lutholakala kwabahlukunyezwe wubugebengu nodlame.
Xhumana nanoma yisiphi isikhungo sabahlukunyeziwe , maqondana nendawo yokukhosela yabesimame abahlukunyeziwe kanye nezingane, ukuthola abanikeza ngenkonzo kahulumeni noma izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni zama-NGO, ezibhekene nonakekelo lwabantu abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya.
Umeluleki onikeza ngenkonzo yezempilo, ilunga lenkonzo yamaPhoyisa abe-SAPS, noma isikhulu sephoyisa, usonhlalonhle, uthisha, noma omunye umuntu obhekene nezenhlalakahle yabantu abakhalazayo bangena izicelo zomyalelo wokuvikelwa.
Qinisekisa ukuthi lapho umuntu ongeyena ohlukunyeziwe eletha isicelo somyalelo wokuvikelwa, kukhona incwadi yokuvuma ebhalwe ngumenzi wesikhalazo, ehambisana nesicelo.
Alikho ifomu elibekwe lalokhu kuvuma - incwadi ebhalwe ngumkhalazi yokuvuma yenele.
useyingane ngeminyaka ngokomthetho ukhubazekile ngokwengqondo uqulekile noma uma inkantolo ineliseka ngokuthi lowo muntu akakwazi ukwenza ukuvuma ngokwakhe noma ukunikeza imvume.
Isikhathi esidingekayo sokulungiselela umyalelo wesivikelo, sihlukile ngokuya ngekantolo nenkantolo kodwa kuncike ngosuko lapho okuyolalelwa khona udaba lomyalelo wokuvikela enkantolo.
ukwenza uhlelo lwezokuphepha komuntu noma abantu abahlukunyeziwe.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
